Okokuqala, umthengi kufanele afake isikhalo lapho ebenikwa khona usizo. Uma enganelisekile yindlela esiphathwe ngayo isikhalo sakhe noma umphumela, angabe esedlulisela isikhalo sakhe kuMlawuli wezePosi.
Thumela isikhalo sakho eHovisi loMlawuli wezePosi nayo yonke imibhalo.
Abathengi/abasebenzisa usizo lwePosi bangafaka izikhalo zabo ngocingo, isikhahlamezi, incwadi noma ngokusithumela ngekhompuyutha.
Kuliphi iposi noma inkampani ethutha amaphasela?
Ubani okhulume naye eposini?
Uma kuyisikhalo esiphathelene nokufunwa komkhondo nokutholakala kwephasela noma into ebhalisiwe, nikeza inombolo yaleyo phasela noma into ebhalisiwe.
UMlawuli wezePosi uhlose ukwengezelela usizo futhi enze lula ukunikezwa kosizo oluthembekile oluveza obala kubo bonke abathengi.
UMlawuli wezePosi yingxenye yoMnyango wezokuXhumana. UMlawuli wezePosi wasungulwa ngokwesigaba 3 soMthetho wezoSizo lwePosi ongunombolo 124 ka 1998. Inhloso yokulawula imboni yezeposi ngukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamuzi zithola usizo lwezeposi olungaduli noluseqophelweni.
UMlawuli wezePosi uzoqinisekisa ukuthi usizo lweposi oluyisisekelo luyatholakala kuzo zonke izakhamuzi eNingizimu Afrika.
bhekana nezikhalo zabathengi mayelana nokusebenza kweposi.
Ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi beposi balandela noma bagcina uMthetho, kanye nemigomo nemibandela yelayisensi nesitifiketi sokubhaliswa.
Ukufaka isandla ekufezekisweni kwemigomo yokusebenza kosizo lweposi ngempumelelo nenkuthalo nokubhekela izidingo zabantu kuyo yonke imikhakha.
Ukulawula usizo lweposi olugodliwe nolungagodliwe.
Ukulandela nokugcina okushiwo ilayisensi nemibandela yokubhaliswa.
Ukukhuthaza itshisekelo yokusebenzisa iposi mayelana nemali ekhokhwayo, inqubekela-phambili neqophelo losizo.
Ukukhuthaza usizo lukawonkewonke oluqinisekisa ukutholakala ngokulinganayo kuzo zonke izakhamuzi.
Usizo olungeluhle. Ngokumisa amaqophelo okusiza abantu ngenqubo yokubhekana nezikhalo.
Ukuthutha nokuvala iPosi. Ngokubheka nokuhlela kabusha izinqgalasizinda zePosi ngokususa amanye amaposi ezindaweni ezinamaposi amaningi athuthelwe ezindaweni ezingenawo amaposi ngokwanele noma aqelelene.
Ukulethwa kwezincwadi ezindlini. Ngokuqinisekisa ukuthi zonke izindlu uMasipala azinike izinombolo zilethelwa izincwadi.
Ukukhokhelwa kwamabhokisi eposi. Ngokuqinisekisa ukuthi amabhokisi eposi athathwa njengendawo yokuqala yokuthola izincwadi - awakhokhelwa.
Sifakwa kanjani isikhalo.
Ukuthunyelwa sekwedlule isikhathi. Ukuphuza ukuthumela, ngokumisa ubuningi bezincwadi okufanele zithathwe ngosuku ngaphambi kokuba zifike kulabo okufanele bazithole.
Amaphasela asisindo sawo singaphezulu kwama-30 kg.
Ukuthunyelwa kwencwadi umsebenzi walowo othumela incwadi.
Izincwadi ezithunyelwa umuntu ongasebenzi umsebenzi wokuthunyelwa kwezincwadi.
Yini amalungelo oMthengi?
Ukuthola usizo oluyisisekelo lokuthunyelwa kwezincwadi.
Ilungelo lokuthola usizo oluseqophelweni nolufinyelelekayo.
Ukwethembeka nosizo lweposi olutholakala ngesikhathi.
Ukutholakala kosizo nezindawo ezilungele abantu abakhubazekile.
Ilungelo lokufaka isikhalo.
